INKAKHA yomculi kamaskandi u-Ali Mgube, ikhwele yadilika kuDlubheke neGcokama Elisha, emva kokuputshuka kwengxoxo yabo behleba ngaye bethi 'usephelelwe yisikhathi emculweni'. Engxoxweni yeGcokama Elisha noDlubheke, eqoshwe ngeselula, bebehlela umhlangano abazobanawo ukuze babophe itulo elizobenza babe sematheni kulezi zinsuku.
Bagcine sebehleba ngoMgube bethi "kumele engabe usewuyekile umculo ngoba abantu ayecula nabo abasekho, usephelelwe yisikhathi". UMgube uthe labaculi bamjwayela kabi ngoba akazi woneni kubona. “ Sebefuna kube sengathi nginomona ngomculo wabo kanti yibona abangisukelayo.
Angikuthandanga ukuthi uma behlela le mihlangano yabo ephuphile, bese befaka igama lami. Ngixakwa nawukuthi uDlubheke uzincengela udumo kwiGcokama ngegama lami.
“Kwayena uDlubheke mdala emculweni selokhu abakhona ngo-2007 kodwa udumo luyamphika njengoba engadumile namanje.
“Sicishe silingane naye emculweni ngoba wangena ngisanda kuqala kodwa izinto azimvumi.
“Angisaliphathi-ke Igcokama, kufana nokuthi lifike izolo emculweni njengoba lingene ngo-2013. Mina sengineminyaka engu-20 ngisemculweni engaqhelile kakhulu kwekaDlubheke, njengoba wangena kusekhona uMgqumeni. Kudala ezama ukuxhakazisa. Izinto azihlangani, ziyamphika,” kusho u-Ali Mgube.
Kuthintwa Igcokama Elisha ngalezi zindaba lithe alisakhumbuli ukuthi likhulume ngoMgube. “ Yazi lento izophazamisa i-albhamu yami entsha engiyikhiphayo. Njalo uma ngizokhipha kuvele kuqhamuke izinto eziyimixhantela nje ezifuna ukuphazamisa. Mina angizwani nomsindo ngifuna kube nokuthula uma ngenza izinto,” kusho Igcokama.
IGcokama lisho kanje, yingoba ngoLwesihlanu likhiphe i-albhamu entsha esihloko esithi Imfolomane ngaphansi kweqembu lalo, Indlabeyiphika.
UDlubheke uvele wakhuza ibhadi ethintwa wathi akathandi nokuyikhuluma le ndaba, ethi uMgube uzoze athole iziqu ngaye.
“ Igama likaMgube lingene ngephutha angifuni ukukhuluma ngaye. Uzoze aphakame ngami njengoba nabalandeli bakhe bekhuluma insangu nje ezinkundleni zokuxhumana.
Besingaqondile nokukhuluma ngaye,” kusho uDlubheke.
Uthe yena usanake indaba ye-albhamu yakhe nayo ephume ngoLwesihlanu esihloko esithi Amashiqe.