Goto News >
Search..

Goto News
Lizenza Unyazi lwezulu Igcokama

Akwehlanga kahle kubafundisi bakwaShembe namabandla akhona onke okwenziwe uMthandeni Igcokama elisha Manqele. Le nsizwa igcwele emaphepheni nabezindaba bakhuluma ngayo mihla namalanga. Lokhu kulandela icwecwe elisha elisihloko sithi 'Imfolomane.'


Kule album sekuchume ingoma emnandi kakhulu esihloko 'Ngiwunyazi lwezulu', esiyenze kwaphambana imibono kubathandi bomculo ikakhulukazi abasonta ekuphakameni. Kumanje le nsizwa noma ifika ezindaweni enandisa kuzona ngomculo wayo iphakamisa izandla njengoGcabashe ibize abantu ngabantu bayo ithi amen bantwana bami ilingise Unyazi.

Abefundisi kanye namakhosi alelibandla athi Igcokama seligagamele kakhulu. Bakholwa ukuthi lento eliyenzile ayivumelani nemigomo nemibandela yesonto labo. Bathi kumele abizwe ahlaliswe phansi ayichaze kahle le ndaba yokuzibiza ngoNyazi.


Inkosi uMqoqi Ngcobo uthe akafuni nakuyikhuluma yena le ndaba ngoba ayazi nokuthi izoqala ithini uma iyikhuluma le mbudane yomfana oqhuba intwala ngewisa kanje.


Ngakolunye uhlangothi bahleka inhlinini abalandeli bomculo ezinkundleni zokuxhumana bathi ibambe ngakho. "UKhuzani wathi izwe elikaKhuba sathula Isilo samabandla onke. Namhlanje Igcokama lithe liwunyazi sekuyakhulunywa." Kusho Makhaxa.


"UMthandeni uwuNyazi olukhulu. UShembe uwunyazi oluncane uma efuna ukuba uNyazi olukhulu akathathe isigingci angene estudio ashaye ingoma athule phansi." Kusho uManandisa Siyanda.