Sekuyisikhathi sokukhala nogedla kwamazinyo kubaculi abenze kabi eNingizimu. Kanti futhi lesi isikhathi senjabulo kubaculi abasebenze kahle kanye nabalandeli babo. Sekuphinde kwenzeka lokho okuhlala kwenzeka ngalezi zikhathi zonyaka Okhozini FM.
Lapha kukhulunywa ngohlu lwezingoma ezilishumi okumele zidlalwe zilandelana kusukela ngehora leshumi kuze kube uyanqamuka unyaka mhlaka 31 December 2020. Ngonyaka odlule obaqwaqwade amakhanda uNtencane kazi iyozala nkomoni kulo nyaka njengoba zibhekwe ziningi nje izinkunzi.
Kutrenda ingoma kaKhuzani esihloko sithi 'Ijele'. Akungabazi ukubona Ukhozi FM luthathe isinqumo sokunika le nsizwa yaseMandaba ithuba lokunqamula unyaka emveni kokuthi yakhala ngaphansi ngonyaka odlule ngengoma ethi utsotsi.
"Lesi iskhathi sokuthi sizikhulumele thina ke manje sizwe sakithi." Kusho uKhuzani. "Kuyisifiso sami ukuthi ngininikeze ithuba lokuthi le ngoma eniyithanda kangaka niqhubeke nijabule ngayo nize niwunqamule unyaka nilokhu nishilo ukuthi umshado awulona ijele.
Sekubonakele ezweni lonke likaKhuba ukuthi le ngoma niyithandile futhi kunganithokozisa kakhulu ukungena ngayo onyakeni ozayo. Vele siyadinga ukungena kuwona sijabule emveni kokuthwala kanzima kulo nyaka sivalelwe ezindlini." Kuqhuba uKhuzani.
"Kusemahlombe enu ke manje sizwe sakithi ukuyibona ingena kutop 10 yoKhozi le ngoma. Lokhu uzokwenza ngokuthi usendi email ethi KHUZANI -IJELE to ingoma@ukhozifm.co.za
Ukungena kwayo le ngoma kutop 10 kulele ezandleni zenu. Email ngayinye iyivotela kanye ingoma."
Bakuthathele phezulu lokhu abathandi bomculo njengoba befuna ukuphinda futhi bewuqophe umlando. Kumanje kusendwa ama email ubuthaphuthaphu. "Sengisendile mina ngifakele yena uKhuba nakuba benginesifiso sokubona uNomcebo ewudla umhlanganiso ngoba ikusasa nethalente unalo. Kodwa ngithi bathathe mfoka Mpungose izwe selivumile." Kusho uMadangazela umfoka Zondi.