Goto News >
Search..

Goto News
Perfect Music Video by uMdumazi

Ngizolala ngiduma music video by Mdumazi. Le nsizwa yenze ezibukwayo ngesikhathi ivezela izwe ukuthi le ngoma isike yasusa omkhulu umsindo phakathi kwakhe noNjoko ingeyakhe.


Ukhiphe omuhle kakhulu umusic video wale ngoma okuyiwona ovele wabashiya begezekile abathandi bomculo bazisholo bona bathi akekho umculi ongashaya ivideo esecophelweni eliphezulu kanje uma kuyiqiniso ukuthi ingoma uyayintshontsha.

"Kuyintokozo enkulu kimina ukubona abaculi bakaMaskandi bezimisela ngalolu hlobo uma besenzela umusic video." Kusho Umdidiyeli wezinsizwa umfoka Mbomvu Enquthu.


"Mina njengomlandeli omkhulu weBhova ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga kule nsizwa ngelithemba lokuthi ngelinye ilanga ayofinyelela kuyena ngoba thina la emakhaya izinto esizishoyo azivamanga ukufinyelela la sifuna zifike khona.


Ngithe uma ngibona ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ethi asiphuthume kuyoutube siyobona le video angangabe ngisapholisa maseko. Ngifike ngabuka ngaze ngahinda ngathenga elinye idata ngayibuka futhi.

Ngichazeke kakhulu uma sengibona lokhu kwesiketshana esiluhlaza nyana kudlalisa iqolo ngasho ngathi badla kamnandi oMdumazi madoda ey.


Angiyiphathi eyosisi abagqoke amabikini abaphethe isiphuzo yazi ngivele ngalal sengiduma kwamina bekungathi imina loya abebemphuzisa kamnandi ngaloluya hlobo.


Phambili ngengoma kaMdumazi. Ngicela bonke abathandi bomculo beyithumelele Okhozini ngama email sivele sinqamule ngayo unyaka ngoba vele sobe sidakiwe ngalelo langa, siyolala siduma."