Baningi abaculi bakaMaskandi ababhekiwe nabaphume umkhankaso wokuthi izingoma zabo zingene ohlwini lwezingoma ezilishumi ezizovotelwa ukuze kube khona ezonqamula unyaka.
Lapha singabala uKhuzani Mpungose ongabulali ubuthongo ubusuku nemini ephusha ingoma yakhe efike yathandwa abantu ethi ijele aliwona umshado.
Nabanye abaningi abaculi abafana neNkosi yamagcokama, uMdumazi nengoma yakhe ethandwayo ethi ngizolala ngiduma.
Nakuba kunjalo, inkakha kwezomculo kaMaskandi okuyiyona eyabreaker irecord ngokuba umculi wokuqala kuMaskandi onqamula unyaka ngengoma eyayithandwa kakhulu ethi asambe siyobulala uVan Damme uMroza, uthi lo mkhankaso ufanele uMenzi.
Le nsizwa ikhiphe icwecwe elimnandi kakhulu nelithandwe kakhulu abantu ngoba engathuki muntu ezishayela ingoma kuphela. Kule album yakhe kufike kwachuma ingoma ethi uma ngibona umuntu wakho ngikhumbula umuntu wami.
Kumanje iyathandwakakhulu le ngoma kanti isinanesikhathi eside iphumile. Lokho kwenze uMroza wakubona kuyifanele ukuthi kube iyona ezobanga nezinye okumele zivotelwe.
"Ngaphanje komona nokuthi, ngokwami bengibona kumfanele uMenzi ukuthi kube uyena ozongena kwitop 10 yoKhozi. Usebenzile umfana omncane bayamthanda nabantu." Kubeka uMroza Van Damme.