Goto News >
Search..

Goto News
Igcokama lizifaka zonke kuKhuzani

Bafwethu sonke siyazi ukuthi mina angiyena umuntu wezindaba nama essay, ngiyindoda emadodeni. Kubeka Igcokama elisha ezinkundleni zokuxhumana.


Minake ngivela kuphela uma ngizolungisa i country. Njengamanje sonke siyazi ukuthi i album yami iNdlabeyiphika yiyona eshisa izikhotha kulonyaka, yiyona ebemnandi okwedlula wonke ama album akhishiwe la kumaskandi futhi iqukethe amanoni amaningi from track 1 to 14.

Singabala: Amageja, imfolomane, unyazi lwezulu, bayavungazela. Nakhuke engifisa nikwazi mabhinca, sekubanjwe imihlangano eminingi kakhulu ngaphansi kwamatafula kubanjelwa mina. Nakuba kungeyona into yokuqala leyo ukuthi ngibanjelwe imihlangano yenkohlakalo yinto endala leyo kodwa ayiphumeleli.


akekho umculi kamaskandi oseshaye ama hits song kumaskandi njengami. Malavisto, Xenophobia, amagolide, Zajika izinto, Jessica, Amageja etc.


Kunamhlanje ngiphumelele futhi nginabalandeli abaningi izwe lonke ngiyathandwa ngiyahlonishwa ngeqiniso, nangenxa yethalente lami elihambisana nobuhlakani obunzulu nokuzethemba.


Uswelizinyo lo ungum’bulali kamaskandi ngempilo yamanga nangobuncethezi. Lomuntu akanaso isitayela uyabhora streyt futhi uyanyanyisa unesidina ngisho ehleka kuthi phihliiiiii.


Ubufakazi balokho busobala nje phela uswelizinyo uphila ngami wethuka mina ukuze anakeke ngaphandle kwami uyizibi. Ngicela ningethembe uma ngisaphila mina umaskandi angeke ufe 


Ngilinde nje imiphumela yomhlangano wabo wokuncola top 10 bese ngyabanyisaaaaaa....puuuuuu!