Engacishe amangaze abaningi uMthandeni Manqele uma sekuvotelwa ingoma ezohlukanisa unyaka mhlaka 31 December 2020. Lo mculi akazange ayiphushe ingoma yakhe ukuze ivele ohlwini lwezingoma ezilishumi ezizovotelwa.
Ngakolunye uhlangothi, kuze kwabiza ukuthi kuqubuke udlame phakathi kukaKhuzani noNtencane noMroza kubangwa indaba yokuthi laba baculi ababili asebeke bawunqamula unyaka beveze ukuthi ingoma kaMenzi iyona okumele ingene kwitop 10.
Ukungena kwengoma yeGcokama ethi Amageja kwenze ukuthi beshaywe uvalo kakhulu abathandi bomculo kaKhuzani ngoba uyaphusha kakakhulu akalali ubusuku nemini kodwa ajike azobanga nomculi ongaphushi nhlobo.
"Kumele ayeke ukuposta njalo sengalo uslay queen." Kusho uMalandela olandela Ingezo Yegcokama. "Lento yokuphusha kakhulu izofike ibe inkinga kuyena ngoba sivota buthule futhi thina ngapha kwared bese kuba buhlungu kakhulu kuye uma engawini.
Kuhlupha ngalokho ukukhansela ivoti ngoba ugqama kakhulu uma ungasaphumeleli." Kuphetha uMalandela.
Uyacelwa ke mthandi wengoma ukuthi uvote ngamandla uvotele zombili lezi zingoma ngoba kubukeka sengathi kusebenze lokhu esithi phecelezi is the divide and conquer technic. Okusho ukuthi bafakwe bobabili ngamabomu, bayazi ukuthi sizohlukana phakathi ngamavoti bese kuwina omunye umculi womunye umculo.