Kusangaphinde kwenzeke okwenzeka ngonyaka odlule. Ukhozi FM no-Owen Ndlovu abakayilungisi indaba yabo nengoma ehlukanisa unyaka. Lokhu kwagcina kubangela ukuthi ingadlalwa itop 10 yoKhozi ngonyaka odlule.
Ingoma ehlukanisa unyaka yaze yaziwa usugamenxe unyaka ka-2020. Lowo owabe engumsakazi woKhozi emnyakeni eyadlule uNgizwe Mchunu uhamba etshela abantu ukuthi abavote ngokuzigwema ngoba kungenzeka lokhu okwenzeke nyakenye.
"Uzothumela incwadi oKhozini kusasa umnumzane Owen Ndlovu." Kubeka uNgizwe. "Engikushoyo mina ukuthi noma singavota kodwa asovota sikulindele ukuthi kungase kusiphinde okwasenza ngonyaka odlule.
Bafwethu votani ngokuzicabangela ngoba ayimnandi leyanto eyasehlela ngonyaka odlule. Isiteshi asikayilungisi inkinga yaso nomnikazi wohlelo lokuvotela ingoma ehlukanisa unyaka.
"Uma nivota, thumelani INGOMA F to 33665. Ngokwenza njalo uzobe ingoma kaMthandeni ethi Amageja ethubeni lokuthi inqamule unyaka kodwa kungenzeka kungabi umhlaka 31 December 2020." Kusho uMacingwane.