Kuzona zonke izinsolo ezikhona mayelana nokuphazamiseka kwengoma ezohlukanisa unyaka, sekuhlale kwaba sobala ukuthi i-SABC njengekhampani enkulu ngeke iphazamiseke nakancane ekuthenini idlale itop 10 kusasa ebusuku.
Ngokusho kukaKhuzani ongomunye wabaculi abakhona ohlwini lwezingoma ezivotelwayo, uthe imvume yokunxenxa amavoti kubathandi bomculo bayinikwa iyona le company enkulukazi okungelula neze ukuthi inqotshwe ngumnuzane Owen Ndlovu.
"U-SABC njengekhampani enkulu eNingizimu Africa, ukubeke kwacaca ukuthi ngonyaka odlule wathatheleka phezulu yingakho wagcina uthathe isinqumo sokuthi ukuhoxise ukudlalwa kwezingoma ezilishumi." Kubeka uKhuzani.
"Thina njengamaciko anxusa amavoti kubathandi bomculo wethu sikwenza lokho ngoba sinikwe iyona le company imvume yokukwenza. Bakwenze lokho ngoba bazi ukuthi uhlelo lokunqanyulwa konyaka luzohamba kahle." Kuqhuba uKhuba.
"Asilwi nomnumzane Ndlovu kodwa senza okwesethembiso esasinikwa u-SABC. Yingakho namanje sisazoqhubeka sicele ukuthi nisivotele ukuze sizokuzwa ukuthi iyiphi ehlukanise unyaka kusasa ebusuku.
Ngeke sikhulume lutho ngomnumzane Owen Ndlovu thina njengamaciko ngoba akukho okusihlangnisa naye. Sikhuluma ngento thina esiyinikwe u-SABC othe kithina asiqhubeke sicele amavoti ngoba akukho okuzophazamisa uhlelo kusasa."
"Siyawabona nama live videos kaGatsheni akathi kuwona abantu abayeke ukuvota, cha thina ngeke sikwenze lokho. Sicela nisivotele bafwethu ngoba sitshelwe u-SABC ukuthi sinicele nisivotele."