Uqophekile umlando eNingizimu Africa. Insizwa eyafika endimeni yomculo yaqedela umsebenzi weBhova ikhombisa ukukhula okuyisimanga unyaka nonyaka. Umgodi ombiwe uMgodi eshiya imbangi yayo ngamavoti angama 645 899 wamavoti usakude kakhulu ukugqibeka.
Uzokhumbula ukuthi le nsizwa yaseMandaba ibivele ikufisa ukuqhathwa neGcokama noma kowodwa nje umncintiswano. Nebala kwenzekile lokho njengoba ibihlala ibaleka le nsizwa yaseMdletsheni uma kwenzeka zidibana.
Lihlabe lephukela nakwabeip Hop njengoba kuzwakale uDuncan kwezokuxhumana ethi uyayivuma ingoma ebengunombolo one kodwa akanelisekile neze kwebe unombolo 2.
Okukhomba ukuthi impi yeGcokama nezinsizwa zeHip Hop into nje engeke isalungiseka sdalo. Bonke abeHip Hop basho ngazwi linye bathi halala Khuzani mfoka Mpungose kodwa bayakhala ngensizwa elale isibili.
"Kobasiza ukuthi bewavume nje Amabhinca ngaphandle kwamathandabuzo. Phela thina asinqeni ukudayisa izimbuzi sivotele amaqhawe ethu ngesikhathi bona belibele amaHerbalife. Angithi ukube badayise izimbuzi nje nabo ngabe abakhali?" Kusho uMashovana kwezeGcokama eMondlo.