Goto News >
Search..

Goto News
Awuwinanga uMaskandi kweminye imisakazo

Ziningi iziteshi zemisakazo eziwudlalayo lo mdlalo wengoma ehlukanisa unyaka. Kodwa sekufike kwaqapheleka ukuthi umculo wesintu uMaskandi uthandwa kakhulu Okhozini FM. Lokhu kufakazelwa ukuthi ilesi steshi kuphela la okuwine khona lo mculo.


Kwezinye iziteshi esibala kuzona Igwalagwala, Umhlobo wenene, Metro FM neminye, awuwinanga uMaskandi. Abaculi abebezenzela kulezi ziteshi singabala uNomcebo Zikode, uMakhadzi kanye noBig Zulu ophume isithathu Okhozini FM.

Lume kanje uhlu lwabaculi abanqamule unyaka kweminye imisakazo:


Metro FM - Nomcebo Zikode

Lesedi FM - Nomcebo Zikode

Motsweding FM - Makhadzi

Phalaphala FM - Makhadzi

Thobela FM - Makhadzi

Munghana Lonene FM - Makhadzi

Ligwalagwala FM - Big Zulu

Umhlobo Wenene FM - Big Zulu

Ukhozi FM - Khuzani Mpungose


Okujabulisa amabhinca ukuthi wona abusa esibayeni esikhulu eNingizimu Africa, nokuyisona steshi esidlala ingoma ebhekwe iNingizimu Africa yonke. "Angiyazi nakuyazi lemisakazo ebhalwe la ngenhla. Thina sinqobe kukubi esteshini esikhulu kunazo zonke. UNomcebo uyacula impela kodwa kuzomele abe Ibhinca noma adlale umculo wamabhinca ukuze awine." Kusho uMalevuza umfoka Sithole eNkandla.