Goto News >
Search..

Goto News
iyashuba ekaDuncan namaBhinca

Wayenza indaba uKhuzani wanqamula unyaka. Sekuvumbuke inzondo ebinganakekile kweminye imikhakha ikakhulukazi kwabeHip Hop. Umculi odume kakhulu kulowo mkhakha uDuncan, akanelisekile neze ngendlela amabhinca anqobe ngayo Okhozini.


"Uyabona uma kusazoqhutshekwa kuvotelwe isong of the year, sizolokhu sihlukanisa ngamaBhinca." Kusho uDuncan. "Leyonto izodala ukuthi abantu abaningi bengabe besayithokozela iTop 10 yoKhozi FM kanye nengoma yakhona."

"Ukube kuya ngami ngabe akufakwa noma iyiphi ingoma kodwa kubhekwe ukuthi ingoma inama streams amangaki nokuthi kungene ingoma esidlalwe for at least two months. Ngale kwalokho sisazophinda sihlukanise ngamaBhinca futhi." Kuqhuba uDuncan.


"Noma bevele benzelwe eyabo bodwa itop 10 ngoba bayavota lababantu abadlali nasi stru. Ayikho ingoma manje ezowina ngoba kufanele iwine. Sekuzowina noma iyiphi ingoma kaMaskandi as long ingenile nje kwitop 10."


"Mina ngiyayivuma induku asishayile amabhinca kodwa kufanele bebangisane bodwa manje kweyabo iTop 10 bese kuba khona enye yalawa amanye amagenre." Kuphetha uDuncan.