Goto News >
Search..

Goto News
“isimoshela amakhosikazi ekaKhuzani”

Bakhala ezimathonsi abanikazi bemizi emakhaya ngengoma kaKhuzani. Le nsizwa ikhiphe ingoma emnandi egcine inqamula unyaka ngendlela ebenesasasa ngakhona kubantu. Kodwa lokho sekuphenduke kwaba isikhalazo sezinsizwa ezishadile nezinezingoduso emakhaya.


UNjoko ujoyine iningi lamadoda akhala ngale ngoma athi amakhosikazi awasafuni kuzwa lutho. Athi afuna ukuhamba amaparty, afuna ukuzenzela noma yini emzini yobaba ngoba umshado akulona ijele.

"Le ngoma kaKhuzani isazomxaka naye ukuhamba kwesikhathi." Kubeka uNjoko. "Kusekahle kuyena ngoba akakaganwa kodwa mhla wathatha uyozwa ukuthi kunjani ukutshelwa umfazi ukuthi ufuna ukuya ephathini yena ngoba akekho ejele". Kuhleka uNjoko.


"Kuyoba ilelo langa la akayobona khona ukuthi kahle kahle umshado kumele ube ijele ngoba akudlali ukutshelwa unkosikazi wakho ukuthi uyahamba yena uzobuya ngakusasa ekuseni ngoba umshado akulona ijele". Kuqhuba uNjoko.


Akayedwa kulesi sikhalazo uNjoko ngokubeka uvo oluthi alufane nalolu. Kukhale Indumandumane umfoka Mbatha eNondweni wathi usekhathele ukukhuza umfazi beze becishe belwe efuna ukuzenzela emzini kayise ngoba ethi umshado akulona ijele.


"Imnandi mpela le ngoma futhi nami ngijabule kakhulu uma inqamula unyaka. Indaba yonakale sekudlule uNew Year sekumele unkosikazi abuyele endlini. Uma ngithi asambe siyendlini wathi akekho ejele yena usazidansela". Kubeka uMbatha.


"Ngilale ngendlala ndoda ngidinwe ngifa. Kuzoba uyabuya ekuseni ngabo 4 uzothi kimi ufuna inkonzo ka2021. Ngithe akayoyicela kuKhuzani ngoba ubebhizi ebhiyozela ingoma yakhe".