Goto News >
Search..

Goto News
Ngeke athole ngisho indibilishi

UKhuzani Mpungose ohlukanise unyaka ngengoma ethi ijele, ngeke athole ngisho elimnyama isenti. Lo mculi wenzele Ukhozi FM no-SABC imali elingsaniselwa ku-R1 426 435.50 ngamavoti njengoba ethole amavoti angu 957 950.


Kuyona yonke le mali akayenze yedwa ingakabalwa eyabanye abaculi abavoteliwe nabo, uyogcina ngokuyibalela kude nje kanje. Ngokusho kukamkhulumeli we-SABC uMmoni Seapolelo, uthe umculi owinile akatholi lutho kodwa bawinisa abalaleli abaqagele ingoma ezohlukanisa unyaka bashaya khona.

"Singakuqinisekisa ukuthi Ukhozi FM luzoklomelisa abalaleli abathathu abaqagele ingoma ezohlukanisa unyaka." Kusho umkhulumeli wale nhlangano. "Labo balaleli bazothola R60 000, R40 000 and R30 000 ngokwehlukana."


"Umkhankaso wethu wengoma ehlukanisa unyaka awukaze ukhokhele umculi kodwa usuke uthuthukisa amaciko ngokuthi uwaphushele umculo wawo." Kubeka uMmoni.


READ: Uzivotele yena uKhuzani

NoKhuzani umfoka Mpungose ukuqinisekisile ukuthi angeke athole ngisho isenti. "Sengathi kodwa ingalungiswa lento kubekhona okutholwa umculi ngoba simosha eziningi izimali siphusha umculo wethu sinxenxa nabantu ukuthi besivotele ngezimali zabo." Kubeka uKhuzani onqamule unyaka mahhala.


"Kunzima kakhulu kulokhu ngoba sibuye sashaywa nayicovid singamaciko asinalutho kodwa kunezimo ezifana nalezi esithi sizama ngazo kodwa kungalungi. Okubuhlungu kakhulu ukuthi abantu basibukela kude bacabanga ukuthi sinemali kanti lutho."  


READ: Uzisholo yena ukuthi oShwi babanjwa ngophondo