Goto News >
Search..

Goto News
Bazoshaya enenkosi phakathi uMntefika neGcokama

Igcokama elihle Dzanibe no Mtefika Majola kanye ne Dlal'suthi Zulu bazovula iqembu elisha lapha khona abazibiza khona ngama 10N-10N. Bathi inhloso yabo yaleliqembu ukuzoculela wonke umuntu ongumthandi womnculo noma ngabe yimuphi futhi lokhu abakwenzayo bakwenza ngoba benxuswa ngabantu ukuba mabenze into enhlangene njengabantu abaphilelanayo ngokomculo.


"Thina siliqembu Ama10N-10N lokhu esikwenzayo inhloso yethu okuvala isikhala esagobhoza kubalandeli bomculo sabantu ababemise umculi ngokweqiniso okufana namaqembu ayemadala okwaphela ngawoo okufana namaqembu ayethandwa kakhulu umphakathi Isixaxa." Kubeka uMbali okhulumela leli qembu.

"Uzokhumbula ukuthi lesi sixaxa sasiholwa obaba uMfaz omnyama, Ihashi elimhlophe and Phuzekhemisi kunyuke njalo kofika kwizinsimbi ezaholwa obaba Umqabulasheshe, Ibhova likadikadika kunyuke njalo Abasemkhuze Mdumazi no Mgojeli Abasemkhuze Omroza Fakude Ondabuzekwayo bangampela o Mfezemnya no Zanefa Ngidi kunyuke kanjalo Izinqonqo U Jaiva no Baba Umfiliseni Magubane kunyuke njalo Ondabuzekwayo ababeholwa Umjikijelwa"


"Ali Mgube and Gcokama elisha okungamaqemu ayethandwa ngabantu agcina nje esewa amanye agcina ewile abanikazi bawo besaphila

Yikhoke sithathe isinqumo zokwenza lomsebenzi ukuze abantu bezothola lento abayithandayoke chake leliqembu lama 10N-10N alilwi namuntu ngoba vele umphakathi uyasazi asizwani nezincuku bonke labantu abakotelayo ngama ethu inkoc ibabusise"

"Igcokama elihle Dzanibe lizobeke lizibonakalisa ubugagu elinabo ngoba abantu abaningi abalazeli lutho kozomculo lingu muntu owaziwa ngokubizwa abaculi bethi alizolekelela bona kuma Video kodwa lithathe isinqumo sokuzwakala emculweni kusukela kulonyaka abantu".


"bazobona ubugagu abantu abahlale belindele Ingoma kuzophupha abaculi abadumile kuzobulaliswa abaculi ngendlela ngoba abantu bazoya entweni enhle Umtefika cha khona abantu abanye bayawazi amagalelo akhe emculweni idlal'suthi nalo abantu."


"abaningi bayawazi amagalelo akhe ku Album yakhe yoku qala isihloko Iqhikiza lebhinca ebelisebenza nabo abafowethu laba esesingama 10N-10N namhlanje." Kuphetha uMbali Mbali okhulumela iqembu.


Bazosebenza ku ku campy m.t.k music production barecodio Etakk studio thuthani ndlovu ophethe umsebenz estudio Information Mbali Mpungose 0793370548 noma Ipages lika Facebook Mtefika Majola noma Igcokama elihle inkoc yamajongo sa.