Ubhekene nomqansa umsakazi osamisiwe Okhozini. Uthe esakhala ngokushiywa insizwa eyamenza umuntu, imtakula exova udaka ekhanda izindlu zomxhaso, uBhodloza kanti kuseza okukhulu. Kungenzeka agcine exoshiwe njengoba uphenyo lusaqhubeka nje kwa-SABC. Ukhale kakhulu ngokushiywa uBhodloza, akamchaze njengomuntu obengumphathi onothando nobekuqonda kahle kamhlophe ukuthi nabo njengabasakazi bayawenza amaphutha abaqondise la kumele abaqondise khona.
"Ukufa kulinuku bakithi, awu kodwa ngoMphephethe madoda Namuhla ngingumuntu nje kungenxa yalensizwa eyangithuntutha odakeni, ngixova udaka sakha izindlu zomxhaso eLindelani, yanginika ithuba emsakazweni lokuveza ikhono engaliphiwa uMdali, lokuba ngumsakazi!". Kubalisa uTshatha.
"Namuhla ngiyikazela inqwaba yezindondo zemiklomelo yokwenza kahle nje kwezokusakaza kungenxa yalobaba wakwaNzimande oselele. Insizwa lena ebinenhliziyo enhle ngendlela eyisimanga, ehlale esifisela inqubekela phambili ngaso sonke isikhathi! Into ebingiyithanda ngaye ukuhlale esivikela njengabasakazi uma kukhona imikhonto efuna ukusihlaba singazelele ngenxa yamaphutha ebesibuye siwenze! Ubesukuma asilwele nalapho ubona khona ukuthi ngabe ngingenile eweni ukube ubengekho uBhodloza!."
"Lobaba ubengumphathi onothando oluyisimanga, engafisi ukukubona uphahlazeka ngendlela engafanele! Into abemuhle ngayo kithi njengabasakazi ubesazi ukuthi sinamaphutha, asivikele ngisho sesigaxela kwamanye amaphutha ebesisuke singawanakile! Awu avele aphela nasozwanini bakwethu."
NoKhuzani uzwakalise ukukhala kwakhe ngale nsizwa eyibekile induku ebandla endimeni yomculo kaMaskandi. "Amazwi okugcina ubaba uBhodloza awasho kumina emvakokuhlukanisa unyaka ngangingazi ukuthi ngalamazwi useyavalelisa kubuhlungu kakhulu
Sizwe sakithi silimele kakhulu." Kubeka uKhuzani.
"Silahlekelwe yilapho ebesibuza khona indlela
Konke ebekwenzeka kuMaskandi okuhle ubejabula afone ethi lento eyenzeka kuMaskandi iyamjabulisa. Besingamkhohlwa kukhona konke esikwenzayo ngoba besilazi igalelo lakhe. Ngithi dudu asiduduzeke sonke uNkulunkulu aqinise umndeni izihlobo nabangani. Ulale ngoxolo Mphephethwa"