Uthi useyoze avuke ngemali ka-RAF (Road Accident Fund), kusho uNgizwe edelela uNjoko. Indaba imayelana nokuncetheza kukaNjoko. Uthi uNgizwe le nsizwa kuzomele izame ukuzimela njengabanye abaculi abakwi age yayo. Ifanise noDumakahle, noMzukulu, noScebi noNtencane nabanye wathi bazimele abancike ngamculi osedumile. Bahlonipha nama brand abo.
"UNgizwe ngazwana naye esengumsakazi woKhozi, waxoshwa ngenxa yemikhuba yakhe, angizange ngamlahla kunalokho ngama naye ngoba ngifuna ukumkhombisa ukuthi angisondelelanga imali yakhe kuyena." Kusho uNjoko. "Ngiphile naye eseyimfaduko, nakhona engcolile, kuze kube namuhla ngoba ngangiphila iqiniso. Namhlanje usekhuluma kanje ngami ngoba ngalimala?"
Isangoma ke ngoba asicushwa, sivele sazifaka zonke kuNjoko. "Belingeve ligqamile ikusasa lalo mfana uNjoko, futhi naye uyosho ngelinye ilanga mhla kwamfikela ukuthi alikhulume iqiniso." Kubeka uNgizwe Mchunu. "Ingqondo yakhe ayisebenzi uNjoko. Ubeza kahle, ezixakelwe umsamo wakubo njengoba usixakile sonke."
"Kodwa uthe esuka yena wagijima wayoba ikhwapha lalo mfana wakithi, ofuna abasakazi, abaculi, osomabhizinisi ukuthi bonke babe i-roll on yakhe. Kuzomele akhumbule uNjoko ukuthi kubalulekile ukukhumbula uma ungumculi ukuthi nawe usendimeni."
"Angiphikisani nokuthi abongele abanye abaculi uma benze kahle kodwa kumele umbongele ukhumbule ukuthi nawe usegroundini. Awuyile ukuyokhothamela abafana bakweminye imizi. Yini ehlula uNjoko ukuthi ahambe kwi-lane yabanye abafana abanjengo Mzukulu, uNtencane, uDumakahle, uScebi nabanye."
"Sengibafunde kahle labo bafana ngabona ukuthi ayi ngoba benomona kodwa bahlonipha isithunzi sabo namabrand abo nomculo wabo. Ukubongela omunye umfana ugijime uyoba isicabucabu sakhe ugodle ingalo ulandelane naye ngeke imsize ngalutho leyonto.
Kodwa ke useyoze avuswe u-RAF ngoba uwile bhu. Yingakho ekhiphe nombhedo we-album nje into engalalelwa muntu. Phela yena wagcina eqomile, njengoba esaqomile nje namanje ayikho indaba yale album yakhe." Kusho uNgizwe.