Goto News >
Search..

Goto News
Uzifanise neGcokama uThulubuke Khoza

Igcokama elisha selaba isitebhisi. Ubona nje nwampe, nwampe bayakotela abaculi. Insizwa ekhona endimeni yomculo kaMaskandi edume kakhulu ngelika Thulubuke Idlangezo Khoza ubuke ugazi lwakhe akanalo emculweni walubona lufana nse nolweGcokama.


"Ngithi angikusho lokhu mhlawumbe kukhona abangakwazi kahle." Kubeka uThulubuke. "Mhla ngifika la emculweni, ugazi engaba nalo ebantwini lwalufana ncamashi nolweGcokama elisha uMthandeni umfoka Manqele othandwa izwe lonke."

"Uzokhumbula mhla efika evimbanisa iSouth Africa yonke waze wayovunywa ngisho naphesheya ngengoma yakhe ethi Malavisto. Kulapho akavunywa khona nayiNdidane uqobo lwayo yathi lo mfana uyinkunzi futhi usaya kude."


"Lokho kukodwa kwavele kwakhomba ngokusobala ukuthi ukube Ibhova lalisekhona, laliyomgcoba nalo limnike uphaphe lwegwalagwala. Le nsizwa kungingi okuhle ekwenzile emculweni kulesi sikhashana esincane efikile."


"So engizama ukukusho ukuthi mina neGcokama siyinto eyodwa ngoba akekho umfana ongafika kithina ngalo shuni wenkani. Ngiyohlulwa ukufa kuphela ngoba bonke laba abakhona njengamanje abazamayo bayafosta nje ayikho indaba yabo. Imina ujikelele kulo shuni wenkani." Kubeka umfoka Khoza.