Goto News >
Search..

Goto News
Uthi waxoshwa indlala owathengwa nge-Black Card

Likuqinisekisile elinye lamaphepha amakhulu adumile kuleli ukuthi uTekisi waxoshwa indlala eMandaba wayojoyina eMdletsheni. Le nsizwa ibigidela uKhuzani Indlamlenze Mpungose yashiya yajoyina imbangi yakhe enkulu uMthandeni Igcokama elisha Manqele.


Le nsizwa egama layo lingu Scelo Ntetha ibisiqede iminyaka elishumi nanye igidela uKhuzani, ithi ibisikhathele ukweswela imali kodwa umphathi wakhe ebe enayo. Ukhulume nabezindaba uTekisi wathi uphoqwe isimo sempilo ukuthi agcine ejoyina Igcokama.


"Akekho umuntu ongafisi ukwenyukela ezingeni elingcono ngokwempilo." Kusho uTekisi. "Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngilibambe ngezandla zombili ithuba lokuyosebenza neGcokama. Imali esengiyihola manje iyangijabulisa kakhulu."

"Akukho okusixabanisile neNdlamlenze umfoka Mpungose. Namanje ubudlelwano bethu busebuhle kakhulu. Ngihambe nje kahle futhi naye ngamchazela uyazi. Ngikhuluma nje ungikhulule ngenhliziyo emhlophe umfoka Mpungose ukuthi ngihambe ngiyobheka amadlelo aluhlaza, nabela ngawathola." Kuphetha uTekisi osejoyine imbangi kaKhuzani enkulu.