Goto News >
Search..

Goto News
Asazofa indlala amaciko kaMaskandi

"Yazi abalandeli bomculo cishe nabanye abaculi a kabazi ukuthi njengoma ukudayisa Kwama CD nje kuwa no Musica izitolo ebezithengisa ama CD sekuyiwa ku Digital Stores kumaskandi nje ngeke ulunge sdalo." Kubeka uNjoko.


Awuthi kenginiphe ulwazi oluncane

Kwa uma kubalwa ama streams royalties kuma kanje

Apple Music

- u 1000 streams =$5.00 ..= R74.74

- u 1M streams =$5000 ..= R75 274.50

Spotify

- u 1000 streams =$4.00 ..= R59.79

- u 1M streams =$4000 ..= R60 241.20

YouTube

- u 1000 Streams =$1.75 .. =R26.16

- u 1M streams =$1750 .. = R26 212.20


"Ukudayiswa kwamaCD bekulokhu kwehla minyaka yonke." Kubeka isikhulu sakwa-RiSA uNhlanhla Sibisi. "Ngicabanga ukuthi kungenisa imali elinganiselwa kuR90 million ngonyaka. Inkinga ukuthi umculo wesintu awukakangeni ezitolo ezi-digital."  

Ebese ubheka lezinombolo uzibuze nje kumaskandi siphelelaphi kusazobanzima kakhulu kweminye imikhakha kunconoke kakhulu benza kahle impela and akuyona uzozwa lezindawo zokuthenganumculo ziningi kodwa kusenzima kakhulu 1M nje wama Steams kumaskandi ko iTunes nako Spotify kusenzima kabi abaningi bahlulwa kufika kwi 1000 loses leli ngihamba niyobheka angikhulumi amanga mina


"Mkhulu umthelela ozokwenziwa ukuvalwa kwesitolo esidayisa umculo i-RiSA. Kunama-albhamu ongeke uwathole digital kodwa owathola ezitolo okungeke kusenzeka manje. Ama-albhamu amaningi omculo wokholo athengwa koMusica. Umculo wesiBhunu nawo ubusagoloza ukungena kwi-digital futhi yingakho abantu bakhona abaningi bebethenga ezitolo," kuchaza uSibisi.

Ngokwesitatimende seClicks Group ephethe iMusica, kuvalwe izitolo ezingu-19 ekuqaleni konyaka wezimali futhi zingu-59 izitolo ezivuliwe okwamanje. Ngokubika kweReuters, iClicks Group ithe izitolo ezisele zizovalwa uma sekuphela izimvume zokusebenza emabhilidini ezikuwo ezinyangeni ezine ezizayo.

"Into ebuhlungu kakhulu lena," kusho uSibisi. "Asikahlangani njengebhodi sikhulume kodwa isiphathe kabi le nto. Sizohlangana siludingide lolu daba."


"Abantu abaningi bayahluleka ukusebenzisa i-data ukuthenga noma ukulalela umculo. Ukulalela umculo online ezindaweni ezifanele njengoSpotify yinto enhle esiyigqugquzelayo. Ukubiza kwe-data kodwa yinto eyinkinga ngoba uma ishibhile abantu bazothenga noma balalele khona singabi khona isidingo sokukokotela ngoba kukhona izinkundla zokulalela mahhala kodwa zifuna i-data kuphela."

"Kumele ngabe siyakhala njengeNingizimu Afrika ngoba umculo uwusiko lwethu. Asithembe kodwa ukuthi abaculi bazidayisele kuzokhula kodwa inkinga ukuthi bazogayaphi ngoba nalezo zinkampani kade zavala kusele ezincane. Kumele sikhulume nohulumeni sithole izindlela zokusebenzisana futhi sikhulume neziteshi zemisakazo ukuthi azidlale kakhulu umculo wakithi. Iziteshi zezifunda nazo azandise umculo wezifunda ezizisakazelayo."