2019 kwakudlalwa insizwa esencane yaseMdlovane ukunguNtencane umfokaZondi, iAlbum yakhe yadlalwa unyaka wonke wango 2020 emva kokuba eyikhiphile ngonyaka ka 2019. Sizokhumbula ukuthi noma incane lensizwa kodwa ayiyintsha endimeni yomculo wesintu njengoba iqale ukungena kuwona kusekhona iChalaya likaShafuza, "Inunu emnyama kwezakwabo, umagadl'eshoshela ezihlangwini zamanye amadoda kodwa abanye bagadla behlehla nyovane, Umadolo entombi encane ezacile eyagwaza isokalayo kwaze kwasa lingalele".
Lensizwake yakwaZondi ikhuliswe uMjikijelwa ngokomculo nokuthe uma edlula emhlabani yabe isiphuma umuzi wayo lapho ezibiza khona ngoNtencane nokuyilapho adlala khona ushuni akakhuliswe ngawo, ushuni wangakubo kwaMaphumulo, ushuni weChalaha.
2020 December ayikho iAlbum ephinde yadlalwa emva kokuba kuphiphe iNkosiYamagcokama kangangokuba namanje kusadlalwa yona futhike njengoba engekho umculi okhiphile ebaculini abadumile isazodlalwa kakhulu InkosiYamagcokama. Indizwa iphansi phezulu iyashutha iDVD yayo ezophuma ngo May eqala kanti kulindeleke ukuthi ibe seqophelweni eliphuzulu njengoba lensizwa isebenzisa nabaculi bomculo wesintu abaningi abafana noQhosha, Ntencane, Majotha, Malahle, Navigater kanye nabanye abaningi. #buyelakwiXyakho