Lisavele ngekhanda ezintangeni njengembodla namanje iChunu. Le nsizwa yafunga yagomela yathi inikeza oRamaphosa izinsuku ezintathu kuphela zokuthi bekhulile uMsholozi, kunjalo kuyanyiwa. Bazibuza imibuzo abathandi nabalandeli bale nsizwa abayivume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
"Sibhekile phela njengabalandeli bakhe. Angan wathi ubanika ezintathu kuphela? Uphi pho manje? Ngizwa kuthiwa usagcwele amathafa uyadabukisa. Senze njani ke thina esilinde yena ayiphake njengenhlala yenza? Sifuna ukuzwa ngenkosi yethu phela ukuthi senza njani kusukela manje going forward njengoba enza ekuqaleni. Kumanje kugcwele emakhaya impahla yamahhala siyabonga kuyena kodwa siyamdinga phela." Kubeka umlandeli.
Kulindeleke ukuthi aphumele obala achazele isizwe ukuthi yini okumele yenziwe manje ngoba phela izinsuku ezintathu ziphelile. "Ngicabanga ukuthi usaphazanyiswe ukuthi uBheki Cele umjongile. Ngiyathemba ukuthi sikhona isinyathelo akazosithatha njengoba ziphelile nje izinsuku akazinika labo bantu. Akayona indoda evame ukucasha ezimeni ezifana nalezi. Nalempi esePhoenix isidinga yena ukuthi asitshele ukuthi senzenjani ngoba ayasiqeda amandiya. Phuma ndoda silinde wena." Kubeka yena.