Goto News >
Search..

Goto News
Akafikanga kwaKhethomthandayo ngenxa yengozi yemoto

Bekulindeleke ukuthi amaCiko kaMaskandi aphelele onke esigodlweni seSilo kwaKhethomthayo ngolweSihlanu mhlaka 23 kwephezulu inyanga ukuyogezwa emva kokwenda kweSilo uMdlokombane vuk'udla'madoda kodwa amaciko amaningi awakwazanga ukuphumelelo nganxa yezizathu eziningi ezehlukahlukene ngoba uMthandeni yena uye waxolisa wathi ulungiselela usuku lwakhe lokuzalwa ebelungoMgqibelo (24).


Emva kokuba efikile lawo akwazile ukufika kubikwa ukuba iphephandaba iLanga belikhona ukuzoqopha konke ebekwenzeka khona kwaNongoma kodwa kunomculi oye waveza ukuthi akayithandi lento eyenziwe intatheli yelanga uMthobisi Sithole yokuthi bese efaka isithombe esinoKhuzani phambili ekubeni engavunulile,"Le girlfreind kaKhuzani, lelikati likaKhuzani eliwuMthobisi sithole weLanga asikho isidingo sokuthi afake uKhuzani phambili engavunulile ebuthweni lethu, bekufanele kube uThokozani Langa waya waya ngoba ubevunulile, besivunule sonke futhi uKhuzani samuhlawulisa ngoba wayengavunulile". 

"Wena uyamuthatha uzomubeka phambili, uma kungukuthi ukuthengela amasavana bese niyozijabulisa ebusuku, asisebenzi ngamaKati thina asisebenzi ngamasavana la siyiButho thina, wena ungazoxova iButho, sizokutshelake thina singoBhekeni, besingekho isidingo sokuthi umufake phambili, isicukwane-nje lento oyenzile", lawoke amazwi kaSmomoza. Kanti uAli Igeza lakwaMgube lona lavelelwa ingozi yemoto lisendleleni ebheke khona esiGodlweni, kubikwa ukuthi uMgube wayeqeda kudlula eKranskop ehamba nabafana bakhe kanti imoto yakhe yavele yaphelelwa amabhuliki ezindaweni ezehlelayo kwaze kwaphoqa ukuthi ayikhiphe emgwaqeni ayishonise eceleni kodwake kubikwa ukuthi kwalimala imoto yodwa, akulimalanga muntu.....