Kubikwa ukuthi insizwa exebula ushuni weBhova ngephimbo layo elimtoti isesimweni esingesihle neze sempilo. Le nsizwa ikhulume nabathandi bomculo wayo yathi icela ukukhulekiswa ngoba sekumele iyela abangabuyi khona ozakwabo uma beke baya khona
"Ngicela ukunazisa sizwe sakithi ukuthi impilo kimina kulezi nsuku ayiyinhle neze kahle, iyantenga ntenga. Ngibona nasegazini ngayaphela angazi ngidliwa yini. Ngibona sengathi ngiyophelela endaweni esiyesabayo manje thina maciko ngoba seyasephuca abaningi ozakwethu." Kubeka uMgqilazi.
"Odokotela bakhomba okunye kanti ababonayo bathi ngathola idliso. Okungixakayo ukuthi bathi ngadliswa intombazane. Angazike ukuthi iyiphi leyo ntombazane nokuthi yangidlisa nini kanjani ngoba angikudli nakudla kwentombazane lokho."
"Ngemikhuleko yenu bafwethu ngiyathemba ukuthi ngizolulama kodwa kubi ngane zakwethu ngeke ngiqambe amanga. Ngimangazwa ukuthi uma kuyiqiniso ukuthi ngathola idliso lentombi ngalithola kanjani ngoba angikholelwa nakulezinto zokudliswa ngamaphupho. Ngomkhuleko sonqoba sizwe samabhinca."