Goto News >
Search..

Goto News
Kubonwa ngokusa kwiNkosi yamabhenanyawo

Kubikwa ukuthi asisihle neze isimo sempilo kule nsizwa eyaduma kakhulu ngomzambiya. Okhulumela le nsizwa uthe akezukwanda kakhulu ngokugula kwayo kodwa ucela imthandazo esizweni sonke sikaMthaniya, kuyothi uma isiluleme bese yazisa isizwe ukuthi ibilaliswe yini phansi.


Naye uSphuzo sabantwana ukhulume nabathandi bomculo wakhe ezinkundleni zokuxhumana wathi ucela ukukhulekiswa ngoba isimo sempilo asisihle neze.


"Sanibonani bathandi bomculo wami. Ngiyathemba niyaphila. Ngithi angizicelele umkhuleko kunina besilo ngoba isimo sempilo asisihle neze kumina. Okuningi ngizocela ukukugodla." Kubeka uSphuzo.


Kulindeleke ukuthi alulame bese ededela icwecwe elisha njengoba wayethembisile ukuqala konyaka. Uthi usenalo ithemba lokuthi uzolulama bese egcina isethembiso sakhe ngoba zikhona izingoma akasenazo nasemqondweni akakholwa ukuthi yizona akazohlasela ngazo kulonyaka. Uthi kungenzeka futhi apike nakwabanye abaculi naye aphinde apikwe uma ithuba livela.