Goto News >
Search..

Goto News
Akasekho emhlabeni uBhodloza Nzimande

Sekuwe umuthi omkhulu emsakazweni Ukhozi FM naku-SABC wonkana, ikakhulukazi endimeni yomculo kaMaskandi. Le nsizwa yabamba iqhaza elikhulu ekuthenini uMaskandi uhlonipheke uphinde ubekuleli zinga okulona namuhla.


Lihlabe lephukela kubaculi abafana noKhuzani Mpungose, Cevuzile Mchunu, Khangelani Mhlongo nabanye asebezwakalise ukukhala kwabo ezinkundleni zokuxhumana. Ibingakaziwa imbangela yokushona kwakhe. "Lala kahle Ngulubencane siyabonga kukhona konke okuhle osenzele khona." Kubeka uKhangelani.

"Ewu kwaze kwanzima. Umoya wami wephukile kakhulu. Ngithi sengathi ingalala ngokuthula le nsizwa, iyibekile induku ebandla. Siyaziqhenya kakhulu ngayo. Emndenini nasezihlobeni naku-SABC wonkana ngithi dudu bafwethu sisonke kulobo buhlungu." Kubeka uNjezele inkosi yomahlalela phezulu eQhudeni.


Umbiko mayelana nokufihlwa kwale nsizwa ubungakaziwa kodwa uzokuthola khona la uma sekwaziwa.