Goto News >
Search..

Goto News
Akasekho emhlabeni ugogo uG65

USEDLULILE emhlabeni uNkk Oltha Selepe (65) waseMadadeni eNewcastle, ozibiza ngo-GeeSixFive ozakhele udumo muva nje ngengoma ethi Obani Lababantu. Izindaba ezishaqisayo zokudlula kuka-G65 zidalulwe ilungu lomndeni uSbu Mpungose kuTwitter ngoLwesithathu ekuseni.


“U-Mamncane wami engimthandayio, iningi lenu elimazi ngo#GeeSixFive usedlulile emhlabeni. Ukhombise ubuholi impilo yakhe yonke futhi ubengasabi lutho wagquqguzela nabaningi ngengoma yakhe ethi Obani Lababantu. Lala kahle Mthiya, Shandu kaNdaba, Sontshikazi,” usho kanje.

Okwamanje akukacaci ukuthi yini ethathe uG65, osanda kuvela ezinhlelweni zethelevishini eshaya iculo lakhe nabadansi.

Exoxa nabezindaba ngenyanga edlule uG65 waveza ukuthi ubesanda kuthatha umhlalaphansi ngoMashi walo nyaka lapho ebekade eyimeneja yesikhungo, njengeCampus Manager iNorthdale TVET College.


“Kukona konke ngibonga iNkosi ngokungigcina kuze kube la nokuphendula imithandazo yami. Sekunesikhathi nginecebo lokuqopha ingoma kodwa lize lafezeka emasontweni amabili edlule,” kusho uG65.