Sekuphinde kwehla ifu elimnyama endimeni yomculo kaMaskandi njengoba izindaba ezingakaqinisekiswa zithi inkakha edume kakhulu kule ndima ngokushaya inkositina ayisekho emhlabeni. Leli phephandaba lithole ngoMphumzeni Xulu ukuthi le nsizwa ayisekho kodwa lisaqhubeka nokuphenya kabanzi ngalezi zindaba.
"Impela bhuti kunjalo. Nami ngisashaqekile ngoba le nsizwa bengike ngezwa kancane ngayo nesimo sayo sempilo. Engingakuqinisekisa ukuthi sekufike umbiko wokuthi akasekho emhlabeni. Alale ngokuthula uSkhindi sabesuthu umfoka Zondi" Kubeka uMphumzeni Xulu. Sizoqhubeka sinazise kabanzi ngalolu daba ngokuqhubeka kosuku.