Isikhondla khondla somsakazo Ukhozi FM esisanda kudalula ukuthi umculi onqamule unyaka ngeke atho ngisho indibilishi, sithathe isinqumo sokumisa uKhathide Ngobe ongumsakazi oseneminyaka eminingi esebenza kulo msakazo.
Isizathu sokumiswa kwakhe ukuthi le nsizwa yakwaNongoma esizakhele igama ezindimeni zokusakaza nakwezomculo wesintu yephula umthetho woKhozi, yadalula izimfihlo zangaphakathi. Uzokhumbula ukuthi nabanye abasakazi esingabala kubo uNgizwe Mchunu baxoshelwa into ethi ayifane nalena emiselwe uNgobe.
READ: isililo kumiswa uTshatha Okhozini
Njengoba emisiwe nje, kusho ukuthi kusangenzeka noma yini. Abaphathi basabheka ukuthi imiphi futhi ibucayi kangakanani imigomo yesteshi akayephulile ngalesi senzo sakhe uKhathide. Kusangenzeka abuyele okukanye engabe esabuyela Okhozini.
Kubikwa ukuthi umphathi walo msakazo uqinisekisile ukuthi njengoba engazwakali nje emoyeni kulamalanga uTshatha, yingoba basaphenya ukuthi iliqiniso kangakanani lento akayibhala ezinkundleni zokuxhumana, kwazise babengakafiki bona.
Ukhwele wadilika uNgizwe Mchunu kubaphathi boKhozi ekhala ngendlela akaxoshwa ngayo nezinto ezikhulunywa Ukhozi uma sekushone umuntu obesebenza khona selwenza sengathi belunendaba naye.
READ: Uncoma ubuhlakani bezimbangi uNgizwe
"Ngiyinsizwa mina, namhla ngifayo ngeke kuthuleke nje. Ngicela ukuthi mhla ngifayo, nize ningabalaleli laba ngoba bazofuna ukuzenza abantu abangikhathalele bekhulume izinto ngami. Ngaxoshwa mina Okhozini futhi ngaxoshiswa okwenja." Kubeka uNgizwe eqopha ivideo ezinkundleni zokuxhumana.