Goto News >
Search..

Goto News
Alimubongelanga uKhuzani Igcokama

Akuphindile lokho adume ngakho amabhinca. Siphinde sawunqamula ngoshameni unyaka. Zilokhu zingene njalo izincomo ezibhekiswe kule nsizwa yaseMandaba ethe yasithatha isicoco ebesiphethwe uNtencane yaba umculi wesithathu osendimeni kaMaskandi ukunqamula unyaka.


Kubona bonke abaculi abathe bambongela uKhuzani, singabala abake bawudla lo mhlanganiso okunguNtencane kanye noMroza nabanye ke abaningi abakubone kufanele ukuthi beyibongele le nsizwa equmbe phansi uBig Zulu, Nomcebo, Kelly nabanye.

Imbangi enkulu kaKhuzani nokuyiyona elale isibili uma sekumenyezelwa itop 10 uMthandeni Manqele, akasibonanga isidingo sokubongela le nsizwa ngokunqoba kwayo.


Kunalokho ufisele bonke abantu baseNingizimu Africa ukuthi babe nonyaka omusha onezibusiso. "Nginifisela unyaka omusha onezibusiso. Ngiyanithanda nonke."


Lawo ngamazwi eGcokama elisha okuqala kulo nyaka eliwafake ezinkundleni zokuxhumana. Bekulindeleke ukuthi kubekhona akazokusho kuzakwabo othe wahlukanisa unyaka obunzima kakhulu njengoba abaculi abaningi bekhala nangendlala nje.