UScebi InkosiYamagcokama Emsinga owafika kwezwakala enkundleni yomculo wesinto nonama galelo amahle kakhulu okudlala ingoma emnandi engacokofiyi, noma engathuki muntu kodwa ejabulisa wonke umuntu ngoba ekekho umunti ongakaze abe semathandweni njengoba umculo wakhe ugxile kakhulu othandweni.
Kulezi zinsuku ibhizi kakhuluke lensizwa iyehla iyenyuka wena owabona ibhulukwe langaphansi lentombi engaziphethe kahle, iyashuthake insizwa yenza iDVD yayo yokuqala selokhu yangena endimeni, iphinde inxenxe abantu ukuthi beyibekezelele njengoba ihambela izindawo eziningi ezehlukahlukene ukuze iDVD yayo ibukeke kahle, nalabo engakafiki ngakubo abanekezele izogcina ifikile.
Iphinda idlulisa okukhulu ukubonga lensizwa kubo bonke abalandeli noma abathandi bomculo wesintu njengoba iAlbum yayo iRide or Die isihlanganise imiliyoni ne Dear Diary nayo futhi isihlanganise elayo imiliyoni kuma digitaly plutforms noma abantu asebewadlalile online sebengaphezulu kwezigidi, kanti futhi niyacelwa ukuba nenze ama order eDVD entsha ezophuma ngo May uma ephela-nje u April iyaphuma ngenyanga elandelayo. Nazi izinombolo 0726639968 (GTI) 0762764483 (Themba).