Goto News >
Search..

Goto News
AmaYellow Bone athwele ngenyoka

Osukasambe izintokazi ezintathu ukungu Munyuh, Tshekeh kanye noZandile, lezintokazike zidabuka e-Embo eChobeni esigodini sikaBaba uMkhize kanti ngokozalo ziyelama zontathu. Lezintombi zikhule noma zikhuliswe ngengoma njengoba ugogo wazo kanye nomkhulu wazo wayeyiGoso kuze kube sekukhuleni kukaMunyuh naye ogcine eseyilona igoso kanti nakubona o-Anti noma oBabekazi bazo lezintokazi bakhona ababa ngamagoso.


Kusobala ukuthi lomndeni umndeni wamabhinca njengoba yonkinto yabo iyingoma noma inengoma phakathi. UMunyuh yena lento yomuculo uyiqale ngonyaka ka 2000 njengoba namanje esavuthuphondo nje ngomculo kaMaskandi. Leliqembuke lama Yellowbone lona alilidala njengabanikazi balo ngoba yiqembe eliqembukile.

Osukasambe baqembuke kwelikhulu iqembu alaziwa ngoVumile Mngoma kanti ekuqembukeni kwabo abazange bezilahlele phansi noma bezihudule phansi kodwa baqembuke qede bama ngezinyawo zombili bakhweca baze bazihlumUlela ngezindondo ezintathu, eyamaSava, Amantshontsho kanye neyama SATMA. Kuba khona kwendondo yamaSATMA kanye namaNtshontsho kushokhona ukuthi likhulu ithalente kulezintokazi, kanti futhi umsebenzi wabo awupheleli ekuculeni nje kuphela.


AmaYellowbone aphinde abe nendlela yokuziphilisa engasondelene nomculo wesintu okuyiyona ephinde isize ekususeni ikati eziko njengoba izwe lonkana likhungethwe uKhuvethe (Corona virus)-nje. Lezintombike zineKhishi lazo elibizwa nge 3-sisters lapho ezisuke zikhipha khona unyawo ngesitshulu, impela zisishaya isitshulu kunconcoze amakati.

Amacwecwe asese sandleni noma esiziwakhiphe lezintombi mane-4 kanti ngokusho kwazo zithi eyesihlanu bekufanele iphekwe ngonyaka ofileyo ka 2020 kodwa ngenxa yezizathu zoKhuvethe akwaze kwenzekake lokho kanti futhi asesemancane amathuba okuthi nale album yephasika iphume njengoba isimo singakabuyeli kwesejwayelekile. Ngabe kukhonani esingakulindela koSukasambe?


Izingoma zoSukasambe isikhathi esiningi zikhuluma ngothando, ukuhlukunyezwa kwabesifane kanye nezingane ezincane, ziphinde zikhulume ngokuhlonipha emendweni uma uganile. Leliqembuke liyatholakala kufacebook: Osukasambe amavikanduku, twitha: Osukasambe amayellowbone kanti kwi instagram: Osukasambe kanti inamba abatholakala kuyona 063 8224070.

Ngabe Osukasambe banayoyini inyoka, "Osukasambe abanayo inyoka kodwa siyavakasha ezindaweni ezinezinyaka ngoba nasekhaya zikhona izangoma ezinezinyoka futhi siyashutha nazo izinyoka kodwa hhayi ukuthi Osukasambe banenyoka, kodwa phelake seningasinikake inyoka nathi sibenayo inyoka". Kuphendula intombi yoSukasambe.