Goto News >
Search..

Goto News
Amazwi okugcina eChalaha likaShafuza

"Inun'emnyama kwezakwabo umagadl'eshoshela ezihlangwini zamadoda kanti abanye bagadla behlehla nyovana, umadol'entombi encane ezacile eyagwaz'isokalayo kwaze kwasa lavuk'ekseni lathi angeke ngiphinde mina ngivakashele inte'njenabo.........", Somahhashi, Ncukumane, Nomasikisiki nyon'esindwa isisila sayo, Vatho'luphezulu ngob'oluphansi olwabafokaza...


"Yazi bafwethu ngoba ningibona ngenzenjena angithandi, kodwa kungenxa yalento engiyifilayo engaphakathi enhliziweni, akuvumi kodwa uma uyisosha ufelaphi?". Yakhuluma lamazwi lensizwa iphambi kwababukeli live eCurries Fountain. "Bafana bakithi empilweni kunezikhathi ezinhle nezimbi, konke okwenzakalayo kufanele ukwamukele, musa ukujabulela izinto ezinhle zodwa uma ziza kuwe, okubi uthi akuye kubani?, angikho right zinkabi zami kodwa ngithe ngizofela eCurries Fountain namhlanje ngoba indlela omkhulu ngakhona lomcimbi nangendlela engithanda ngayo umculo kaMaskandi".

"Bafana bakithi mina emculweni kaMaskandi ngiyisosha lakhona futhi ngiyofela khona, uwonke umculo, bebonke abalandeli, ngoMaskandi mina ngiyofa-fiiiiii, umakufanele ngifele lana ngizofele lana angiyi ndawo, ngiyanithanda bafwethu, iyeza iCD kaMjikijelwa kumnyama kubomvu, ayi akufeke uma kufeka fusegimani demedi.....bhabhayini bafwethu ngiyanithanda.....". Amazwi eChalaha lidlala okokugcina ngomhlaka 29 April 2018, kwase kusele izinsuku ezingaphansi kwezingu 28 ukuthi lidlule emhlabeni ngoba ladlula ngomhlaka 25 May. IChalaha likaShafuza kanye neNdidane abaculi ababevuka emashidini ezibhedlela ngenxa yomculo kanye nabalandeli bakaMaskandi, siwuMaskandi Media sithi iNhlambi yamanzi yemuka namanzi...nilale ngokuthula ziNgqalabutho niyibekile induku ebandla....