UMfokaDouble Man, uMfokaMgan'omanxeba, Untombi zamqomq ngoba zimthanda, bathi uMthakathi obulala izinsizwa angeke alingen'iZulu, Bathi mfana ubulala Isangoma uzobhulaphi? Ubulala iNyanga uzolashwa ubani? Imvumamvumane evunyweNaseMelika ngoba noObama uyivule. UNgizwenkosi Mlando Mchunu kwelase Nkandla eMabhuqwini odabuka eNkandla eMahlath'amnyama lapho kulelekhona Isilo sasoNdini King Cetshwayo.
Ayibanjwanga-ke lensizwa kodwa lithe uma lithambama ilanga yazinikela yona emaphoyiseni ngenhloso yokuzwa noma yokuzwisisa kahle ukuthi njengoba ihujwa-nje ihujwelani, icala layo ilona kuyiliphi. Ithe uma izinikela ephaphoyiseni aseDurban Centre base beyibeka icala le "Instigation", (okuyicala lokwenza noma lokuholela umuntu noma abantu ukuthi benze into ephambene nomthetho). Lelicala lizothethwa ngoLwesithathu enkantolo yaseRandburg.