Abafana bakaMgqumeni bamemezele ukuthi usuhlehlile umcimbi wokukhumbula lowo owathatha umculo kaMaskandi wawubeka la ukhona namhlanje uMgqumeni umfoka Khumalo.
Lo mcimbi omkhulu kangaka nobulangazelelwe iwona wonke umuntu othanda umculo kaMaskandi, ikakhulukazi abalandeli beBhova ubuzobanjelwa eNquthu mhlaka 21 December 2020.
"Ngixolise ngane zakwethu." Kubeka Ujezekhulu. "Njengoba sonke sazi ukuthi mhlaka 21 December bekumele kubenomcimbi omkhulu wokukhumbula inkosi kaMaskandi Ibhova, usuhlehlisiwe lowo mcimbi ngezizathu ezibekwe umengameli wezwe."

"Kubuhlungu kithina sonke bafwethu kodwa kumele sikhumbule ukuthi asikapheli isifo secorona nokuyisona mbangela yokuphazamiseka kwalo mcimbi omkhulu kangaka.
Sizophinda sinazise ukuthi uzobanini lo mcimbi uma sesinolwazi olwanele ngalokho. Okwamanje sicela niqhubeke nilalele imyalelo kahulumeni ukuzi sizokwazi ukubuyela esimeni."
Kubenzima kakhulu ukwamukela lesi simo kubaculi abaningi okubalwa kubona Izingane zoma noJaiva Zimnike noNgiga nabanye. Bazwakalise okukhulu ukulimala emoyeni ngoba lo mcimbi ubusho lukhulu kubona njengabaculi abebesondelene kakhulu noMgqumeni Khumalo.