Goto News >
Search..

Goto News
Ayizwani sdalo namaphoyisa le ndoda, ichaza kabanzi

"Ngahlala emkhukhwini mina ngizazi kahle izimbungulu zasemkhukhwini." Kuchaza iNxaphanxapha ukudla kwezinja ibuzwa kababnzi mayelana nokungezwani kwayo namaphoyisa. "Ngizwa kuthiwa uyinkukhu nempaka namaphoyisa ngabe kubangelwa yini lokho Sgwebe? Kubuza umphathi wohlelo."

"Ayi ukuthi angibhekani namaphoyisa, iwona amaphoyisa angabhekani nami. Kwenzeka indaba enkulu eMzimhlophe ngonyaka ka 2010, kwadutshulwa amaphoyisa amabili kanti kuzofika le ngwenya enguBheki Cele, uzomkhumbula ke ukuthi wayenhloboni kapende ngalowo nyaka esathi amaphoyisa awadubule abulale abantu." Kuchaza uSgwebo.

"Bengihlala emkhukhwini lapho impilo isenzima kakhulu ngipatanisa ngomkhukhu unescabha esipheshiwe blind. Indlela akasikhahlela ngayo isicabha somkhukhu wami uBheki Cele mfwethu maqede wangigxavuna kabuhlungu kanjani phambi komama wengane yami ngagxotshwa kwathiwa kunezibhamu ezikhona endlini angizikhiphe. Nginomthungo omubi kabi mina wamaphoyisa. Into enginyanyisa kakhulu ukuthi bathe uma sebezithola kwenye indawo lezibhamu abangabe beseza kmina bezoxolisa ngesenzo sabo esibi abasenza kimina."

"Ukukhuluma nje iqiniso, kahle kahle umuntu engingamfuni tuu umholi wawo amaphoyisa uBheki Cele ngoba uyabahubha abantu ababamba izimoto zemali kodwa uyabayeka abantu ababulala abantu. Yini ebalulekile imali nomphefumulo womuntu? Amakula abulala abantu ePhoenix baphela nya abantu, wenza njani yena wahamba wayodla iDinner nawo. nangesikhathi sokulutha kwabonakala amaphoyisa ephethe ukudla nogologo kwaphucwa abantu abahluphekile kwachithwa ukudla ayekwa amaphoyisa."