Goto News >
Search..

Goto News
Azobukwa namuhla ama-Awards aseKZN

Azobukwa ngoMgqibelo ebusuku amaward aseKZN. Kodwa abeDSTV akhokhelwe kuphela. Umcimbi wamaKZN Entertainment Awards ayese-ICC eThekwini ngezi-15 December 2020 azosakazwa ngoMgqibelo 30 January 2021 kuBET DSTV channel 129, ngo-8 ebusuku. Uzozibonela nomunye wabasakazi boKhozi osamisiwe emsebenzini uMakati azidudla eziwinela indondo. Lama awadi kuhloswe ngawo ukuklomelisa labo abaphakamisa iKZN phezulu ngemisebenzi emihle.


Umunxa nomunxa ubuhambisana nomklomelo wemali oyisebenza ngonyaka wonke uR100 000 kwathi othandwa kakhulu eKZN uklonyeliswa ngoR500 000. Lo mcimbi wawuphethwe uPearl Thusi, kukhaphethi kukhona uSomizi Mhlongo-Motaung noNomalanga "The Flame" Shozi. Ubumndandi bodvwana kwazisholo amaSwati.

Uzozitika-ke ngokubukela laba baculi: Ladysmith Black Mambazo, Nasty C, Zandie Khumalo, Sjava, Khuzani, DJ Tira, Nomcebo Zikode, Babes Wodumo, Big NUZ, L'vovo Derrango nabanye abaningi. USihlalo weKZNEA uMnuz Xolani Majozi, uthi uyajabula ngokuthi ekugcineni umhlaba uzobuka ubuhle ngeKZN namaciko ayo. Uma- ungenayo iDSTV khohlwa ibukwa ziqumama le abakhokha ngenyanga. Nabakhokha oR100 kuDSTV ngeke babone lutho.