Ezivuka emaminithini. Bayazibuza bayaziphendula abathandi beKing Nuba edume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokugqoka amaluphu luphu ezimpahla ezinkulu kunayo eziboshwe ngezingodo zokuneka amaphenti kolayini. Le nsizwa izakhele idumela ngokwenza amavidoe ahlekisayo idunusa njengamabhinca yagcina ithatha nesihlalo sobukhosi.
Ezinsukwini nje imemezele ukuthi isidibane nesimo engakaze yacabanga ukuthi iyoke idibane naso njengoba isigixabezwe abakwa Arbiter ngokuthi ibe inxusa labo. "Hhoy hhoy ngiyinxusa impela wemah, ngaze ngaba inxusa ezweni wemah." Kujabula yena uKing Nuba edunusa.
"Sibambe ongezansi, ongenhla siwuyekele amanzi asemakhaleni. Le nsizwa sayilandela ngoba igqoka istayela sayo yodwa esihlukile ifaka nezicathulo zobandlululo. Kumanje igqoke iyaconsa uyabona nje ukuthi iphumile ekudlaleni. Umbuzo ke umile uthi zizoshonaphi lezi esamazi ngazo ngoba thina simthanda uma egqoke zona." Kubeka uBongiology Chommie intokaDanca ongumlandeli omkhulu waleli qhawe.