"Ningacabangi ukuth lento eyenzakayo ingoMsholozi kuphela. Lapha kuliwa nesizwe samaZulu ngenxa yokuth uHulumeni ugaqele INgonyama Trust. Manje bayazi ukuth umuntu oqinile nguZuma njengoba wayeke wanqaba kwasekuqalen uHulumeni efuna ithathwe. Manje lokhu abakwenzayo bezwa amanzi ngobhoko kuthina MaZulu, bazama ukusizwa amandla ukuth siyoba nawo yin Mhlazane sebethatha into eyigugu kuthina MaZulu." Kuqhuba iKing Gugas.
"uZokhumbula ukuth iSilo esisanda kuKhothama naso saychitha lendaba, kwase kuth emva kokuba sesikhotheme, base benqaba ukukhipha imvume yokuthi kuGcotshwe isilo uMisuzulu , balokhu bekhala ngama minutes. uKhongolose uhlanganaphi nezinto zeRoyal Council? Njengamanje sifana nabantu abangenaye uMholi ekubeni isilo esisha samenyezelwa. "
"Kuxoshwe uMgiliji obengumholi wamabutho. Rryt now thina asinaye uMdidiyeli wamabutho . Kungani ningaboni ukuth kuhlakazwa uZulu lana ngenhloso yokudla INGONYAMA TRUST ? uMgiliji ubekhiphe amabutho ukuth eyokweseka omunye uZulu, not iANC, Kant vele noMsholozi ungelinye lamabutho. Ngimfunge uGcwensa elele emathuneni, lendaba yeNgonyama Trust iyogcina isiphelela kuyo le constitutional court nayo."
"Amakhosi nezinduna namhlanje ayahola ngenxa kaZuma. Kodwa kuymanje athule awaboni ukuth siyaxhoshwa lana siwuZulu. Ake sibeke ipolitiki nenzondo eninayo for uNgizwe ecelen ,bese nimeseka ngoba nje since sinqunu kanjena, singenaye umholi , uyena oseyizwi Lethu , futh njengamaZulu manje usimele. Amakhosi awasho lutho kodwa Izwe liyonakala." Kuphetha uNavigator Gcwensa.