Goto News >
Search..

Goto News
Bagxeka Isilo ngokuhlulwa Isizulu

Ubale amagama kusukela ekuqaleni kwaze kwaba sekugcineni uMisuzulu obekwe waba Isilo emveni kokudlula emhlabeni kukayise uZwelithini. Abaningi abebelalele inkulumo yakhe ngesikhathi efunda isipishi bathi siyamehlula kakhulu Isizulu ungaphika ukuthi unguMzulu naye.


"Mina angisiboni isidingo sokuthi kugxekwe Isilo. Baningi abantu abangakwazi ukufunda Isizulu. Nasemakhaya ethu bakhona ogogo nomkhulu nomama nobaba abangasazi Isizulu ikakhulu uma besifunda phansi. Kanti ke futhi Isilo besikhohlwe izibuko zaso ekhaya ngenkathi siyofunda isipishi saso." Kusho uNjoko.

Ebala amagama uMisuzulu unxuse isizwe samaZulu ukuba sihoxe ekubambeni iqhaza ekubhujisweni kwezwe. "Ngiyanxusa ukuthi kube nokuthula nokuthi kubuyiswe isithunzi samaZulu. Ngakho ke masingavumeli ezomubangazwe ukuthi kumosheke isizwe sethu. Isithunzi sesizwe sakithi asingayengelwa phansi." Ubesho onke lamazwi kunzima kakhulu ukufunda ombhalo abaningi abakholwa ukuthi uwubhalelwe uShenge, awusuki kuyena.


Kugcine kuphoqa ukuthi asiyeke Isizulu afunde isipishi sakhe ngesilungu. Akufananga uma esesifunda ngesilungu compared to la esasifunda ngesizulu. Kuyacaca ukuthi Isilo sethu asimnandi ekufundeni Isizulu, kubangcono uma ezosebenzisa ulimi lwabokuhamba. Isizwe samabhinca ke sisine sazibethela sigxeka yena kanye owakwaPhinda ngene.