Goto News >
Search..

Goto News
Kuhlukene imibono ngokumiswa kukaTshathugodo

Abalandeli abaningi abafisa kubuyiswe uTshatha ngabakaKhuzani Mpungose ngenxa yobudlelwano lo mculi anabo neqhawe labo kanti abafuna uTshatha agcine ekhonjwe indlela ngabakaMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele. Malunde Ntombela: "Ntshatha waphawula embhalweni kaMgodi (okuyigama okubizwa ngalo uKhuzani ngabalandeli beGcokama).


Waze wathi abalandeli baka Mthandeni bayizehluleki. Ayikhale. Ulayekile wamiswa uchemile vele.NoThandolwethu Thandolwethu uthe "Awu bakithi ngijabule nje (ngoba) baningi abasazomiswa Thixo. Kusazovela yeyi uyalunga. ULungelo Biyelauthe "Akahambe nobuxoki.  Gede! Akayolusa izinkomo ekhaya, eyombela abantu iziza athole uR300." UPhindicala Isilosabangaganiwe Malandela uthe "Uzenzile akakhalelwa.

Ukube umiselwe okunye, ngabe ngiyamkhalela ngoba  kubuhlungu ukuxoshwa emsebenzini. UKhozi FM luzothi letha ubufakazi ndoda bese engabi nabo, bese  uZandile Tembe athi 'haaaaaki hambolusa kwaNongoma. Akungcono ekhaya? Kungcono ekhaya, kuyasengwa." U-Ayanda Khulubuse KaGodide Ntuli uthe "Lesiteshi sizokwehlelwa izinga ngoba wonke umuntu onekhono  uyakhishwa.  OLinda, oNgizwe. Sebegaqele ukukhipha uTshatha-ke manje. 


Kufanele kusale bani kanti lo owazi umlando nesiZulu.Yabona into mayisezandleni zamakhosikazi kukancane ilunge." USir-Thabo Somkhanda Gumbi uthe "Asikapholi ngokususwa kukaLinda "Mr Magic" Sibiya namanje. Sisekhona isikhala sakhe, ngakho bangacabangi-ke ukusiphinda ngoTshatha." USomuhle Mzulwini uphethe ngokuthi athi "Cha lento kamaskandi siyayididisa siyayiqeda  nje sixovindaba.  UTshatha bekhuluma iqiniso, kumele ngabe siyawulwela umaskandi. Siyamlwela ngokungonyuluka kodwa sesisizakele, sifaka oKhuzani ezintweni ezingaphathelene naye."

Kuzokhunjulwa ukuthi uTshatha uhlale ebonakala noKhuzani ezindaweni eziningi kanti wake wanqaba ukugida neGcokama emcimbini owawuseMsinga. Akugcinanga lapho kodwa iGcokama labuye lagadla ngengoma ngengoma ethi Ubugunqugunqu nethi Zadumelana   kuTshatha. Nakuba kunjalo kodwa Igcokama labuye lazehlisa kuTshatha ngoba lagcina lixolisile. Nowayengumsakazi woKhozi, uLinda "Mr Magic" Sibiya, uthe noma ngabe kwenzekalani ngoTshatha kodwa kuyofanele kwazeke ukuthi unekhono futhi umele umaskandi.


UMr Magic ukhulume kanje ngesikhathi exoxa nomsakazi woKhozi FM, uBheka "Beekay" Mchunu ku-Instagram. Ongumkhulumeli wakwaSABC osabambile, uMmoni Seapolelo, uthe bebecela ukunikezwa ithuba lokuphothula uphenyo lwabo ngokulandela inqubomgomo yangaphakathi. "UMnuz Ngobe usamisiwe kuze kuphothulwe uphenyo lwangaphakathi oluthinta yena neSABC. 


"Ngokwemigomo, imininingwane ngophenyo ngeke idingidwe esidlangalaleni ngenxa yesivumelwano esiphakathi kwezinhlangothi ezimbili. Uma nje seluphothuliwe uphenyo, inhlangano yezokusakaza kuyoxhunyanwa ngqo nabathintekayo. Okwamanje iSABC noKhozi bathanda ukunikezwa ithuba lokuphothula uphenyo ngokulandela inqubomgomo yangaphakathi," kuphetha uMmoni.