Kusinda kwehlela kulabo abebezenza ongcwele ngcwele ngesikhathi osomathuba bexebula umkhoma emadolobheni nasemamoli kuleli. Babonakala bevuka kusempondo zankomo nezimpandla nezisu bebamba abade olayini befuna okuya ngasethunjini, kwazise abatapi bathathe kwasani emashalofini ezitolo eziningi ezidayisa ukudla.
"Sithwele kanzima kakhulu thina baleli bala ngoba besizivalele endlni ngesikhathi bona besina bezibethela ezitolo zokudla. Okubuhlungu ukuthi asazanga ukuthi kuzokwenzeka kanjena, sasiyothenga ukudla ngobuningi njengoba senza kuqala ilockdown. Kumanje izingane zikhala ngendlala abanye bexebula umkhoma. Ukuziphatha kahle kwethu akusisizanga ngalutho."
Kukhala uMr Reddy ebambe omude ulayini espar ngase North Beach Ethekwini. Omunye wabahlali obekuwo lowo layini uzwakale eshu phezulu ngengila ehleka kuze kuvela elomhlathi ethi "thina sizimele nje kulo layini sizobheka ukuthi isimo sikanjani. Abakhale abakhala ngendlala, sixebula umkhoma thina." Kusho le nsizwa ebikhombisa injabulo ingazi nokuthi lidumephi. "Wendoda ubofika nawe sizidlele ngitshwala bami, nginyama yami ngiyazosela nje." Kusho yena ehleka le mpandlana oyibona esithombeni.