Goto News >
Search..

Goto News
Bakhala ngokukhohliswa uJaiva Zimnike

"Sikhathele ukugqozela ingoma eyodwa. Buka namanje ngiyafequza fequ fequ fequ." Kukhala insizwa emnyama njengengelosi kasathane umfoka Dlaba phansi eNsingabantu uthi ukhathele ukwenziwa uJaiva Zimnike isilima yena manje. "Kungani njalo nje uma sekumele iphume le CD kumane kube nezinkinga? Ayingeke akakhanyise manje uMiss ofundisa engafundile, khanyisa Ncephelezi kakhiye nansi ndodana yakho idlala usizi." Kubeka yena uNomatiyela.


Isiphinde yashintsha futhi date yokuphuma kwama AK47, okuyicwecwe elibhekwe ngabomvu iSouth Africa yonke. Le nsizwa kwakumele ikhiphe leli cwecwe ngaphambi kwephasika kodwa kwaba nezinkinga yagcina ingaphumanga. Wabe esememezela ukuthi izophuma namhlanje ngomhlaka 27 April kuyiholidi besizodla ngayo omkethu emakhaya singayile emaholidini kodwa zajika futhi izinto, ayangabe isaphuma.

Kuzwakale ngoJaiva ekhala ebalisa wena owabona isikhukhukazi sithathelwe uKlebe itshwele laso lokugcina. "Awkodwa ngane zakwethu ngizonibhekelwa ubani manje? Sekunzima nakimi angisazi ngizoqala ngithini hhi hhi hhi." Kukhala uJaiva Zimnike ebheka ibalance ebank ebona ukuthi kuyabheda ngempela ngeke ikwazi ukuphuma le CD.


"Bafwethu ngiyaxolisa kakhulu. Icwecwe lama AK47 ebenibheke ukuthi lizophuma namuhla ngeke lisaphuma ngenxa yezinkinga ezithile engibhekane nazo. Ngicela nibe nigqozela yona leyo eyodwa esidume umhlaba wonke. Ngizomemezela maduzane ukuthi izophuma nini ephelele." Kubeka uJaiva Zimnike.