Iphephandaba elidumile nelaziwayo kuleli lidlale ngaMabhinca. Leli phephandaba lamemezela ukuthi lizokhipha ikhalenda elinabaculi. ALigcinanga lapho kodwa lamemezela ukuthi alikho ikhalenda elizoba lihle ukudlula elamabhinca kulonyaka ka-2021.
Usizakale wafa uJobe Sithole oyintatheli yeLanga uma ebona umbhedo wokuqala wokugcina ukhishwa ileli phephandaba. "WeMabhinca ake nginixoxele nansi indaba." Kubeka uJobe. "Mhla ziwu-17 kwenzeka inkinga ehlekisayo eThekwini. Kwasuka ikhehla elidala laxhaphaza abantu lathi kuza ikhalenda."
"Bakhexa imilomo abantu sekufika into abebengayilindele sdalo. Okuningi akudingi kuchazwa kuchazwe ilesi sithombe esivela la ngenhla."
"Mina ngisalinde ikhalenda ayi lento enisasibonisa yona. Kuyacaca ukuthi uDSD senamukhohlwa nje straight la emculweni. Akasaveli ngisho kulo msangano wekhalenda kazi wenzani kinina. Sikhala ngezimali zethu esizikhiphile sithi sithenga ikhalenda elihle esathenjiswa lona kanti siyaqolwa."
"Empeleni bengihlala ngimkhulumela umkhulu uCharles kodwa namhlanje ngiswele umgodi wokucasha. Yini yona lena? Iyonanto ebizwa ngekhalenda lamaBhinca lena? Cha kudlaliwe ngathi shame kule ndima yomculo." Kubeka uBuyi Mbhense.