Kubanjwe imimoya kweminye imkhakha njengoba umculi kaMaskandi uKhuzani egile izimanga e-ICC. Le nsizwa eqophe umlando ngengoma yayo ethi ijele ebe yingoma yokuqala emculweni kaMaskandi ukuhlala kunombo 2 kuma iTunes South Africa Music Charts, iqumbe phansi oDj bodumo.
Ziqhathwe ICC la uKhuzani abebhekene khona nezingqungqulu ezaziwayo nezidumile kuleli ezifana naboBlack Coffee, Dj Tira, Sjava, Somizi, Marawa Nasty C nabanye kowe most loved.
Akagcinanga ngokuba umqoqi wezindondo kodwa uphinde wahlabana ngesamba semali elinganiselwa kuR500 000 ehambisana nale ndondo yokuba umuntu noma icelebrity elidumile esifundazweni saKwazulu Natal namaphethelo.
"Ngibonga angikhawuli ngento eningenzele yona maBlue Nation nabo bonke abantu abathanda uKhuzani kanye nalabo abathe ngeke bavume uMaksndi uhlulwe eminye imkhakha." Kusho uKhuzani.
"Le ndondo ingeyethu sonke. Lokhu okwenzekayo akuphakamisi mina kodwa kuphakamisa igama lomculo kaMaskandi wonkana. Silinde ukuzwa ingoma kaMaskandi ezongena kuTop Ten, nalapho sinethemba futhi lokuthi nanoma imuphi umculi kaMaskandi ozongena sizomeseka ukuze kuphakame igama lethu."