Uphume ngesamagundane uMisuzulu okuvele ukuthi uyena ozohlala esihlalweni sikayise ngesikhathi kufundwa incwadi yamafa. Ubani yena uThokozani? UThokozani yilona ophawule ngemuva kwe-will. Ungomunye wabebehamba nomtwana uThembi nomtwana uMbonisi. Usethimbeni lalabo abathi kabasamfuni umtwana Mangosuthu Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu.
Wachazwa inkosi uButhelezi njengomuntu ebebemazi njengo Mr Msweli. "Uzalwa ngumtwana uPenuel, unina akagananga KwaZulu. Kakaze akhulele esigodlweni. Ungumuntu ongafanele ukukhuluma izindaba zaseNdlunkulu kaZulu." Kwasho inkosi uButhelezi.
"Lemfene le izisisile eNdlunkulu ifuna ukuzothosa amaqanda ifulaye nobhekeni, Kusuthi ke manje. Unjalo ke umuntu omnyama ubonga ngomsila njengenja. Abamazi kangcono bathi uyisi shoshovu ngapha kwaDukuza. Ubephethe i region ye Sadtu." Ekhwela edilika uPhilani Mdinwa Hlabisa.
"Izingane zezintombi ezinye ziyakhathaza, buka ke usunguGogo noma umkhulu kusathiwa uyingane yentombi ngokuhluleka ukuziphatha nje. Lowomlando awuqhakambiswa uma uzihlonipha". Kuthetha uThulisile Nongalo.
"Indlela achazwe ngayo ngabanye, usamvukuzane kanje. Bafike bamgqishe bamgqishe nge info. beze bona bethatha i seat, bese yena uyaperuza ke. Ungumuntu onjenge thuluzi kanje". Kubeka uMasotobe Sotobe
"Thina syayazi inkosi yethu futhi sesiyibonile.ngisho ungenzani wenzeni bathini bathini thina sithi masithi nhla ngeso lika moya bese kuvele kuthi ngqa u prince Misuzulu.u king cetshwayo uyena omuvumile futhi bayafana kakhulu.wokhetha kahle umakoti wasebukhosi prince.ushaye i research lapho ukuthi umakoti ozomkhetha owasebukhosini i futhi uzalwa umama ophuma ebukhosini i.skhathele abantukazana abafuna izinto ezingabafanele." Kubeka uThobeka Sithathu.
"Ubukhosi baqala ukuphathwa abelungu kuMpande ngesikhathi efuna amandla kuDingaan . uPestorius wayefuna ukubulala uDingaan ngesenzo sakhe sokubulala uMaridz, Retief,Ays nabanye abelungu esibayeni sebephuzile kuze kwakheke isaga esithi ungifihlela induku emqubeni . UCetshwayo wayilwa lempi kakhulu yabelungu waze wahlula amaBritish empini . UCetshwayo wathengiswa abaholi bamabutho kaZulu ngoR2 emvakwalapho sahlulwa Olundi lasala lumahlikihliki .
Inkosi uDiniZulu besiphethe kodwa abelungu bekubusa bona ngoba yibo abafika nePoll tex ka R2 njalo ngenyanga kumuntu ongashadile ngoba kwakudingeka abasebenzi eTransvaal kusandaku discover iGolide nokuLobola ngo11 yenkomo . Kuza kuwo wonke amakhosi kugcine kwiSilo esikhotheme ukuma emazwini okuvikela amasiko nokungena kwabelungu entweni zakwaZulu ngoba uzwa oFikile Mlambo Ncuka sebengena begamanxa bethi akuphathi Indlovukazi manje ezohola amabutho neFemanist ebulele abesifazane .
Kumanje abelungu nama femanist bazama ngakho konke ubulala uMkhosi woMhlanga kodwa iSilo besimile ezwini lokuvikela uMkhosi owamiswa inkosi uShaka kaSenzangakhona."