Injabulo ibhalwe mehlweni kundondo ziyamlandela zishay'ulayini zibheke ndlunkulu umfoka Mseleku. Vuma Slevu nginsiiiiiiizwa kuwe mfana, baphi namhlanje ababonwa ngisho nangokhalo, islevu sicijile sibheke mpumelelweni. Kuye kwavuma ngisho uSomnandi umfoka Langa ogunqiswe yizo lezinsizwa kweyama SAMA Awards abevezwe bukhoma ku-SABC mhlaka 31 kuNtulikazi 2021. "Ngichazwa ukuthi bayangivuma uma bedakiwe bayongivuma futhi uma sengifile kusho mina uJezekhulu." Kusho yena.
"Bafana bakithi niyongivuma mhla ngifile ngoba kuyanesinda ukuthi ningivume ngisaphila, ngiyasivulela isibhaxu awuzwe nje duklu, ontwini!! Inkinga yenu ngathi ngiqala ukuyenza lento anaze nakholelwa kmina nangibukela phansi njengezintambo zezicathulo kanti ngizonigabisela ngezithende. Kunzima manje ukuthi niphumele obala nisho nithi nansi nkunzi yethu la kuMaskandi."
"Vumani bafana nithi Abafana bakaMgqumeni bayinkinga. Ngizokusho ngaphandle kwamathandabuzo ukuthi ngiyimele futhi ngiyoyimela kumnyama kubomvu ilegacy yeBhova likaDikadika umntekhala ebuya okhuleni. Bafwethu nami angizenzi ngenziwa injabulo. Since kwaqali lockdown akaze ngijabule kanje. Uma ngibona izinto zenzeka kanje liyabuya nakumina ithemba lokuthi ngingumculi osezingeni lokuhlonishwa kakhulu eNingizimu Africa ngoba kumanje abomvu amakhanda ezinsizweni awuzwe nje qe!"
"Estudio ngiyaya, kulonyaka kukulonyaka bafana bami umsila uyongela ngaphansi nakulo osanenkani, kuzobuyela kuKhesari okukaKhesari ngoba vele ngiwudlala ngedwa manje lomdlalo abaningi usubehlule bahlulwa ukuvuma nje kuphela. Ngicikwa ukuthi oMaskandi abafuni ukusivuma eNdlunkulu. Sijwayeleka kabi sithatheka kancane siyeyeka. Nenza sengathi aniboni ukuthi umsebenzi siyawenza angazi noma nibuka ngamehlo asesiphundu yini, ninjalo nje nengoma incane la kunina."
"Kazi ngiyofa nini ukuze ngizovunywa ilabantu. Ngingumculi ohlala emahhotela ke mina angihlali emahostela yingakho nengoma engiyishayayo inkulu kangaka. Injabulo ibhalwe mehlweni buzobuyela ngenkani ubukhosi eNdlunkulu ngoba vele obakhona. Phela le ndondo esiyithathe manje singabafana bakaMgqumeni inkulu kakhulu. Angiyazi into esizoyenza kule album ezayo. Akusibhaxu engizosivulela khona. Ngibonga Ibhova umfoka Khumalo, ngibonga ubaba ongizalayo ngibonga nani bathandi bomculo wethu ngoba nina niyakholelwa kithina."