Goto News >
Search..

Goto News
Basaba ukubizwa uNgizwe ngeziShiphi live kokaDokotela

Kuzobe kusindwe ngobethole eMahlabathini njengoba sizobe sibondwe sisinye abaculi bezinhlobongezinhlobo zemiculo bezobe beshiyelana inkundla kanti vele sekuyaziywa ukuthi uma kukhona into ewumcinjana eyenziywa uDr Kay akekho ophuma ehalazela ngenxa yendlala. Sizokhumbula mhla ishadelwa lensizwa ukuthi nalapho yasibonda sasinye kanti abaphathi bezinhlelo nabo babebaningi ngoba uNgizwe wayebambisene noKhathide uMfokaNgobe.


READ: Lingene nebutho iChunu kufihlwa uMenzi Ngubane


Ngesontoke leli lakusasa ngezi 21 March kuzobe kukhona Igcokamelisha ezinkunzini zikaMaskandi, uMfezi, uMzukulu, uNjoko kanye noGadla Nxumalo ngoba phela naye wathi akaseyilona iVukane yena useyiNkunzi naye kanti umphathi wohlelo kuzobe kuyiChingwane.

Ngolwesihlanu ohlelweni emsakazweni iVumafm103 kukhale abalandeli bakaDokotela kanye nabathandi bohlelo bezwa kuthiwa uM.C kuzobe kunguNgizwe emva komdividiwo akawenza kwiNgizweOnline engxeka abaphathi kanye nabasakazi ngesenzo sabo sokuxosha uTshatha kanti kuzodlula Isilo emhlabeni bangamubiza uKhathide ukuba ezogeqa amagula ngomlando kaZulu kanye noweSilo uqobo.


Bathi uNgizwe uzobabiza ngezishiphi kwase kwaphoqa ukuthi azivikele yena uNgizwe ngokuphumela obala asho ukuthi yena akalwi nabalandeli noma nabalaleli bohlelo angeke avele ababize ngezishephi ngale kwesizathu, okushu ukuthi uma eke wabona isizathu kusobala ukuthi sizobuya sizishiphi sonke.....