Lo osesithombani nguDlubheke Bukelani Minister Khuzwayo indodana kababa uShobeni Nondindwa Khuzwayo ongumuphathi weZinganeZoma Music Production okuyinkampani enkulu eyakhanda abaculi abaningi asebephumele empilweni nokuyibona abathathe lomculo kaMaskandi bawubeka ebalazweni abafana noMgqumeni Khulekani Kwakhe Khumalo okusobala ukuthi ukube wayengekho yena engabe akazange abebikho uMtshengiseni Ndidane Gcwensa, engabe abekho oMjikijelwa Hobosha Ngubane, Khangelani DSD Mhlongo, Jaivazimnike, Abafana BakaMgqumeni, Bobo Mfanawempiki, Khuzani Ndlamlenze Mpungose, Mthandeni Gcokamelisha Manqele, kanye nabanye abaningi abangeni emculweni ngenxa yokuthanda uMgqumeni. Kanti lenkampani iphinde yakhulisa iciko elikhulu kakhulu endimeni yawo lomculo wesintu elifana noKhuzani Mpungose owangena ngokwenza iVoice Note emculweni waqeda wayilalelisa ubaba uShobeni wabe esemunika ithuba lokungena esitudo waqedela umsebenzi kaMgqumeni owashona ungaphelile.
Bekuhlangene uSgwebosentambo kanye noDlubheke Khuzwayo kweminye yemisakazo yakaYouTube bebuzwa ngomculo wabo kodwa indaba igcine isingasekho ngomculo wabo isingeGcokamelisha ngoba bebebuzwa ukuthi kungani abanye babaculi bengakaze baye phesheya kwezilwandle, "ayikho lento eculwa uMthandeni futhi akasoze aye phesheya, aboke bemulande bemubeke la, baphinde bengilande besinike umbhobho wokucula ebese kubakhona amajaji sicule ingoma eyodwa sibone ukuthi ubani ophakamayo ukunomunye, ngzobakhombisa mina ukuthi ayikho lento yakhe", kuphawula uDlubheke. "Angeke uye phesheya uma usacula into engahlangani, waphafa gogo, syehla syemakhaya, amampentshisi, ayihlangani yonke lento manje uzoya kanjani phesheya usacula into ehlukene kanjena", kuphawula uSgwebosentambo ngokuhlaziya ingoma yeGcokamelisha eliyikhiphe nyakenye...