UMzuvukile Jaivazimnike Khenyeza indodana kababa uMisephethwe Khenyeza eNquthu, eQudeni eMsamo isigodi odume ngengoma emnandi efequzisa umhlaba wonke. Lensizwa indala emculweni wesintu, ingomunye wabaculi abanenhlahla emculweni kaMaskandi ngoba yatholwa iBhova likaDikadika yakhuliswa ilona ngokomculo ewuculaya okuthe uma kudlula iBhova emhlabeni yavula iqembu layo lapho eyayihamba khona noKhangelani DSD Mhlongo eqenjini elibizwa ngoSaziwayo beshaya ingoma emnandi kakhulu.
Ayihlalangake isikhathi eside lensizwa yakwa Khanyeza koSaziwayo ababeliqembu elikhulu kakhulu ngalesiya sikhathi ngoba ilona elalilandela uMtshengiseni uMfokaGcwensa ngabalandeli bengakagqami oKhuzani Mpungose benoMthandeni Manqele okhuliswe nguyena uJaivazimnike ngokomculo njengoba namhlenje esedume umhlaba wonke-nje. Wayethi uma ezibonga uMthandeni, "Ngithi ngilibhodwe elincane umancishana eliphekwe iyona iNqinoyomsakazi", esho uJaivazimnike, ngiyethemba ukuthi ngelinye lamalanga uyovela uJaivazinike ohlelweni lukaMthandeni oludlala kuTV olubizwa ngoShuni kaMaskandi.
Ezakamumvake zithi bazobhubha inkemane abathandi kanye nabalandeli bomculo kaJaivazimnike kuloZibandlela ngoba uphumele obala wathi angeke akhiphe kuloDecember njengoba abantu besafequzela ingoma yakhe akayikhipha kuqala unyaka ethi "Zintabezikude" nokuyiyona akafisa ukuthi ibe sohlwini lwezingoma ezizohlukanisa unyaka emsakazweni omukhulu UkhoziFM...